NgoMsombuluko, ithimba laseNingizimu Afrika litheleke e-Davos Switzerland emhlanganweni we53rd World Economic Forum (WEF).
Ithimba laseNingizimu Afrika elakhiwe ongqongqoshe bakahulumeni, abaholi bezimboni, osomaqhinga kanye naba bambiqhaza ababalulekile. Ithimba laseNingizimu Afrika limemezele ukuthi ababambisene nabo kule forum i-Old Mutual, i-Multichoice, i-Anglo American ne-Naspers, ebabonge kakhulu ngokubambisana nokuzibophezela kwabo kuleliqhaza.
I-WEF izobe ihanjelwe abaholi bomhlaba abavela kohulumeni abehlukene, osomabhizinisi, kanye nezinhlangano zomphakathi ezivela emhlabeni wonke. Ukuze baxoxisane ngesimo somnotho emhlabeni wonke, futhi bahlole okungaba amathuba omhlaba nabangathola ukusebenzisa kuwona. Ithimba laseNingizimu lizoba matasatasa kusukela ngomhlaka 16 - 20 January 2023, endaweni yezamabhizinisi eNingizimu Afrika e-Promenade 54 e-Davos. Kusuka ngomhlaka 17 January, i-Brand South Africa, ngokubambisana ne-WEF, i-Multichoice kanye ne-Naspers izosingatha i-WEF Reception kusukela ngomhlaka 18 January 2023 eKongress Centre.
Umlingisikazi uNomzamo Mbatha uzobe engumphathi wohlelo lwaseNingizimu Afrika ebusuku ngomhla ziyi-18, ehlelwe yiSouth African Food Experience noChef uWandile Mabaso, kanye nombukiso weProudly South African lapho kuzocula khona i-Micasa ne The Soil. Loluhlelo lwakhelwe ukwamukela izihambeli ngamathuba okutshalwa kwezimali, nobuhle bamasiko ukubaheha ekutshaleni izimali namathuba okubambisana kwezezimali.
Okuzogcizelelwa yithimba laseNingizimu Afrika ku-WEF, umlayezo ngamathuba amabhizinisi amasha akhona okutshalwa kwezimali. Baphinde banike isiqiniseko ngolwazi olujulile nokuzethemba kwezabantu, ezezimali ngaphansi kwesibambezela sentando yeningi nomthetho kanye nomthetho-mgomo ohlonishayo ezingeni lomhlaba.
Lelithimba lizoqiniseka ukubeka iNingizimu Afrika njengendawo yebhizinisi ecebile ekutholeni izisombululo, eyakhiwe yithimba loncwepheshe bolwazi abasezingeni lomhlaba, ukujula kolwazi ekuncintisaneni kwezwe kwezobuciko, ezimbonini ezihlukahlukene, nezinsiza eziningi kanye namathuba ezomnotho. Konke lokhu kwenzelwa ukukhangisa ochwepheshe abanolwazi namakhono, kanye nomlando lelilizwe elinawo kwezokukhuliswa kwezimali, ne-ROI esimeme kubatshalizimali.
Kubaluleke kakhulu ukuthi iThimba laseNingizimu Afrika linikeze osomabhizinisi bamazwe ukujula kolwazi lwesizwe kwezezinguquko zezomnotho wezwe kanye nenqubekelaphambili eyenziwayo ekuqaliseni ukuqaliswa koHlelo Lokuvuselela Umnotho (i-ERP).
Lelilizwe laziwa ngumhlaba wezamabisinisi njengemakethe evulekile futhi ethembekile kubatshalizimali. Liyimakethe enzulu nekwazi ukuqhudelana nezimakethe zamanye amazwe . I-Brand South Africa nayo yenza umkhankaso wokumaketha ngedijithali, kanye nohlelo lwabezindaba ukumemezela impumelelo yezwe kanye nempumelelo emikhakheni ebalulekile yezomnotho.
Isikhulu esiphezulu sakwaBrand South Africa, uSithembile Ntombela, sithe njengoba lenhlangano ingabaphathi ngokusemthethweni somkhiqizo waseNingizimu Afrika ngeke bashiye lutho olungashiwo mayelana neNingizimu Afrika kanye namathuba omnotho okusebenzisana nezinye izizwe zomhlaba. UNtombela uphinde wathi kubalulekile ukuthi ukuhlinzekela Iningizumu Africa yokuveza elakuleli ngenkundla ukuze lizibeke “njengezwe lamathuba angapheli” kanye nendawo elungele ukutshalwa kwezimali. Ngohlelo lokuba nezinkampani zamazwe ngamazwe ezingaphezu kwe-1 000 ezisebenza futhi nelitshala imali eNingizimu Afrika kusuka manje kuya kunyaka ka-2025, iThimba laseNingizimu Afrika lizibophezele ekuvuseni intshisekelo yabatshalizimali emhlabeni wonke ngokwandisa ukusebenzelana kanye nokuxhumana.
Kulonyaka iWEF izoqala ngomhlaka 16-20 January, ngaphansi komgomo othi “Ukubambisana emphakathini ohlukene phakathi”. Ulwazi olwengeziwe ngokubamba iqhaza kweNingizimu Afrika kuWEF yalonyaka lungatholakala ku-brandsouthafrica.com/our-initiatives/sa-in-davos/.