Wandile Ngcobo
UFUNA lungene enkantolo oloMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, awusola ngokuphazamisa ubufakazi, kubola isidumbu sendodakazi emakhazeni kahulumeni, lungenziwe ulibofuzo ngecala lokudlwengula.
Umufi, uWandile Ngcobo (17), obefunda u-Grade 11 eDurban Girls Secondary, kuthiwa wadlwengulwa, wagwazwa waze wafa ngoMeyi ngonyaka odlule, abasolwa asebevele kaningi ngaphambi kwenkantolo. Kubona kukhona nomakhelwane (39) okuvela ukuthi ubengaphandle ngoshwele esigwebeni seminyaka ewu-15 ngelinye icala.
Isigameko senzeka ngesikhathi umufi esele yedwa kubo Kwa-Y, eMlaza.
Uyise, uMnuz Mondli Ngcobo ukhale ngomnyango omhlinzele ezibini ngokubola kwesidumbu emakhazeni kahulumeni kungaqediwe ngophenyo lwamaphoyisa.
Elandisa uthe, indodakazi yakhe yangeniswa emakhazeni asePark Rynie ngosuku lwesigameko.
Uthe kudlule izinsuku ezine, banikela khona ukuyobheka isidumbu.
“Bala baphetha ukuthi siyibone ingane yami, bathi ayikahlinzwa, anginalo ilungelo lokuyibona,” kubalisa uNgcobo.
Uthe batshelwa ukuthi abalindele ucingo olubabizela emakhazeni emva kwesonto.
Uthe waxakeka uma sebemshayela ucingo ezinsukwini ezimbili ezandulela ingxoxo yabo.
“Kwangixaka ngoba babekade bengitshele ukuthi isidumbu sendodakazi yami singasemsileni kulayini olinde ukuhlinzwa,” kusho uNgcobo.
Uthe ngesikhathi eseyosithatha isidumbu nabamakhaza azimele, abamakhaza kahulumeni abafunanga nokuthi asibonele ngaphakathi, basikhipha, basifaka emotweni yamakhaza azimele, bathi usengasibheka-ke.
“Kwangisiza ukuthi ngithi asivulwe sonke ngisibone njengoyise. Ingane yase ibolile, igcwele izimpethu, kukhona izingxenye zomzimba esezibhucuka, inuka, kukhona ngisho nezimpukane eziluhlaza futhi ingathungiwe nakahle,” kuchaza uNgcobo.
Uthe wabuza imibuzo ngaso leso sikhathi, angazange azithole izimpendulo zayo.
Uthe njengoba icala lokubulawa kwendodakazi yakhe seledluliselwe eNkantolo eNkulu yaseThekwini, selingaqulwa noma inini, ujabhile uma ethola ukuthi abasolwa ngeke balethweswe icala lokudlwengula.
“Kuthiwe isimo indodakazi yami eyase ikuso, kwakungeke kusakwazi ukuthi kuthathwe amasampula olibofuzo obufakazi bokuthi yadlwengulwa ngaphambi kokubulawa,” kusho uNgcobo.
Uthe uthole ukuthi udokotela wasemakhazeni wathi njengoba sesibolile isidumbu, ngeke esakwazi ukwenza lolu hlobo lokuhlola.
“Kuthiwa wathi ngesikhathi esehlola isidumbu sendodakazi yami, sasesonakele kakhulu, sesiphuma nezinye izinhlobo zoketshezi, kungaselula ukuthi kubonakale lolu oluqondene nendaba yokudlwengulwa,” kusho uNgcobo.
Uthe uzwa sengathi indodakazi yakhe ibulawe kabili, ifike yabulawa abamangalelwa, yase ibulawa abasemakhazeni ngokobulungiswa obekumele ikuthole ecaleni lokudlwengulwa kwayo.
“Okusho ukuthi ngenxa yobudedengu basemakhazeni, abasolwa bazophunyuka kalula kwelokudlwengula. Ibuhlungu into abangenze yona ngendodakazi yami,” kusho uNgcobo.
Uthe uselufakile kubameli udaba ukuze luye enkantolo.
Ngosuku lwesigameko, isidumbu sikaWandile satholwa siboshwe izandla nge-pantihose, enye ifakwe emlonyeni, sinamanxeba okugwazwa amahlanu.
Kwavela ukuthi kwebiwe ithelevishini, DStv Decoder, remote control neselula kamufi.
Kulandela isigameko, kwaqale kwasolwa yena uNgcobo, kwaze kwaphoqa ukuthi kuyobukwa amakhamera asemsebenzini ukuze kuqinisekiswe ukuthi ubengekho ngempela endaweni yesigameko.
Umsolwa (39) ongumakhelwane, waboshwa esebhace KwaShembe, eClermont. Kwaqale kwaboshwa omunye (25) eMalukazi, etholwa neselula kamufi.
Ngesikhathi beboshwa abasolwa ngoJulayi ngonyaka odlule, okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uBrigadier Jay Naicker, wayetshele abezindaba ukuthi babhekene necala lokubulala, elokudlwengula nelokweba.
Icala libuyela enkantolo ngoFebhuwari 27.
Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela lolu daba aboMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal bengayiphendulile imibuzo abathunyelelwe yona.