The Star

Ngeke iguquke imalimboleko

Nonkululeko Nhlapo|Published

UMPHATHI weBhange Lombuso eNingizimu Afrika (SARB) uLesetja Kganyago.

Image: SIGCINIWE

IKomiti Lenqubomgomo Yezimali yebhange lombuso eNingizimu Afrika (i-MPC) linqume ukugcina imalimboleko ku-7.5%, izinga lokubolekwa kwemali eliyinhloko nalo lihleli ku-11%.

Ngesikhathi senza izimemezelo, isikhulu sebhange lombuso uLesetja Kganyago sithe ukwehla kwamandla emali okwamanje kuku-3.2%, nokwenzekuhlinzeka indawo yokugcina izinga liqinile. Uveze ukuthi asibanga lula lesi sinqumo ngoba amalungu amane ekomiti abevumelana ngokuthi imalimboleko ayingaguquki kodwa amabili athi ancamela ukuncishiswa ngamaphuzu angama-25.

 

Ngeke iguquke imalimboleko