The Star

Kufe abane engozini yeloli nebhasi kuN1

Nonkululeko Nhlapo|Published

Kugqabuke ilangabi ngesikhathi iloli lamafutha lishayisa ibhasi ebelime eceleni komgwaqo kwabhubha abantu abane.

Image: x

KUBIKWA ukuthi ibhasi ebelithwele abagibeli lidonsa nenqola belimi eceleni komgwaqo ngenxa yokuphelelwa udizili ngesikhathi sengozi kuN1 ngasePienaarsrivier, eLimpopo.

Kuthiwa abanye abagibeli bebhasi bebezikhulula ngasenqoleni ngemuva ngesikhathi kuqhamuka iloli lamafutha lishayisa ibhasi.

Kubikwa ukuthi bane abantu abashonile kule ngozi.

UMnyango wezokuThutha nokuvikeleka koMphakathi eLimpopo uveze ukuthi kugqamuke ilangabi ngesikhathi iloli lishayisa ibhasi omunye umlilo wabhebhetheleka ebhasini ngokushesha. 

“Umnyango udlulisa amazwi enduduzo emindenini yabashonile futhi sifisela abalimele ukululama okusheshayo,” kusho uTidimalo Chuene okhulumela uMnyango wezokuThutha eLimpopo. 

Lishe langqongqa ibhasi elishayiswe yiloli lamafutha kwaphangalala abantu abane kuN1, ePienaarsrivier, eLimpopo.

Image: RTMC

Lishe langqongqa ibhasi elishayiswe yiloli lamafutha kwaphangalala abantu abane kuN1, ePienaarsrivier, eLimpopo.

Image: RTMC

Kufe abane engozini yeloli nebhasi kuN1