The Star

Kuzwakale kuduma izulu lezandla abafana bebamba imoto yemali KwaMashu

Nonkululeko Nhlapo|Published

Kusale kwumapeketwane abafana beshaya bechitha nesamba semali esingadaluliwe kuM25 KwaMashu.

Image: RUSA

KUBE ongaphansi nongaphezulu abafana bebamba imoto yemali kuM25 KwaMashu ngoMsombuluko ntambama.

Kuthiwa kubonakale ngenqwaba yabasolwa abebehlome beyizingovolo bedilika ezimotweni ezimbili bamisa ngenkani imoto ebithwele  imali. Ngokubika kwabenkampani yonogada ezifikele mathuphankule ndawo I reaction Unit South Africa, bathole ukuthi abasolwa banamathisele iziqhumane emotweni yemali ukuze ovuleke.a

"La madoda aphuce onogada izibhamu aphinde antshontsha isamba semali esingadalulwanga. Badubule kaningi besebenzisa izikhali ezisezingeni eliphezulu ngaphambi kokuthi basuke ngesivinini esiphezulu ngeFord SUV emhlophe kanye neToyota Corolla esiliva."kusho iRUSA.

Iqhubeke yathi ilungu labo belizulazula endaweni eseduze ngesikhathi libona izimoto ziphambana nendlela kuM25 lahlaba umkhosi libikela ozakwabo namaphoyisa. Kutholakale isibhambu esincane endaweni yesehlo okukholakala ukuthi ngesabasolwa.

Kuzwakale kuduma izulu lezandla abafana bebamba imoto yemali KwaMashu