The Star

Utinyelwe wumphakathi osolwa ngokuqala umlilo emjondolo

Nonkululeko Nhlapo|Published

Ushaywe umphakathi washona osolwa ngokuqala umlilo emjondolo obuhleli abesifazane bedlala amakhadi ngoMgqibelo ebusuku eJoe Slovo, eGoli.

Image: SIGCINIWE

KULIMALE abantu abangu-20 okukhona kubo nengane eneminyaka emithathu emjondolo yaseSlovo Park entshonalanga nedolobha iGoli.

Imibiko evela endaweni yesehlo ithi owesilisa oqale umlilo emjondolo obuhleli abesifazane bedlala amakhadi ngoMgqibelo ebusuku. Kubikwa ukuthi lo wesilisa ubanjwe washaywa wumphakathi  esolwa ngalesi senzo esishiye abaningi bengenayo indawo yokuhlala kulandela ukusha kwemijondolo yabo.

Kuthiwa lo wesilisa uphuthunyiswe esibhedlela lapho afike washonela khona.

"Amaphoyisa aphenya icala lokubulala ngemuva kokushaywa kubulawe owesilisa ohlaselwe umphakathi umsola ngokuqala umlilo endaweni," kusho uLieutenant Colonel Mavela Masondo

ULt Col Masondo usigxekile isenzo somphakathi sokuzithathela umthetho ngezandla njengoba ethi uphenyo lokuqala lukhomba ukuthi amalungu omphakathi ayangabaza ukubambisana namaphoyisa ekulweni nobugebengu.

"Yize sizwelana nabashisiwe kodwa siyawugxeka kakhulu umphakathi ngokuzithathela umthetho ngezandla ngoba abantu bazothi ubulungiswa kodwa abukho ubulungiswa uma abantu benza ubugebengu,” usho kanje.