The Star

Kuboshwe abathathu ngokudayisa izidakamizwa erenki

Nonkululeko Nhlapo|Published

Kuboshwe abathathu betholwa nezidakamizwa erenki yamatakisi eMidrand ngoLwesine ntambama.

Image: X

IKHANSELA kumasipala waseGoli elibhekelele ezokuPhepha nokuVikeleka komphakathi uMnuz uMgcini Tshwaku ubehambisana namaphoyisa ophiko lweK9 kuthungathwa abadayisi nabashushumbisa bezidakamizwa eMidrand.

Laba babhadame abasolwa abathathu erenki yamatekisi nenqwaba yezidakamizwa zohlobo lwe-crystal meth yenani likaR200k. Abasolwa baboshiwe.

UTshwaku ukhala ngokuthi kukhona abantu abakhulu okuyibona abaphethe laba basolwa okumele kuphenywa ngabo futhi baboshwe ukuzi icace impi yokulwa nezidakamizwa emphakathini.

Kuboshwe abathathu ngokudayisa izidakamizwa erenki