The Star News

Injabulo beshada kanye kanye

Boniswa Mohale|Published

UsomabhizinisiI waseHlokozi ogile isimanga ngokushada amakhosikazi amabili ngosuku olulodwa uthi umshado wakhe akawubizi ngesithembu njengoba amakhosikazi akhe ezovusa imizi yoyise.

UMnuz Scelo Hadebe (31) umangaze abaningi eshadelwa yizintokazi ezimbili, uNkk Hlengiwe Hadebe, uMaMjwara (29), noNkk Nokuthula Hadebe, uMaDlamini (26), ngempelasonto.

Lezi zintokazi ziqale ngomshado wesintu ngoMgqibelo kwase kuba nomshado omhlophe izolo.

UHadebe uthe umshado wakhe kawusona isithembu ngoba la makhosikazi amele imizi emibili, okayise nokayisemkhulu owamkhu-lisa emuva kokushona kukayise.

“Ngikhulele emizini emibili okaPatrick nokaReggie bakwaHadebe. Ngifuna ukuvusa le mizi yomibili, omunye unkosikazi umele umuzi kaPatrick, omunye umele okaReggie. Akusona isithembu ngoba amakhosikazi ami kawabangi,” kusho uHadebe.

Amakhosikazi akhe nawo avumelane naye njengoba ethe kawasona isithembu futhi ajabule ukuthi ashada ngosuku olulodwa.

Athe usuku lomshado wawo “lungaphezu kwenjabulo”. Athe asefana namawele ngendlela azwana ngayo, awasehlukaniseki. Akuphikile nawo ukuthi asesithenjini kodwa athi umshado wawo ufana nayo yonke eminye.

Lo mshado ubuhanjelwe yingonyama yamaHlubi uLangalibalele, ondlunkulu bakhe nabantwana bobukhosi baseSwazini.

UHadebe ungusomabhizinisi owaziwayo endaweni yaseHlokozi kanti unamapulazi amabili.

USolwazi Jabulani Maphalala, oyisazi sezamasiko, uthe umuntu akakwazi ukushada namakhosikazi amabili ngosuku olulodwa.

“Ayikho leyo nto yokushada amakhosikazi amabili kanye kanye. Umuntu ushada unkosikazi oyedwa ngesikhathi. Uma efuna ukuvusa umuzi kayise kumele akhe bese eyoshela agcagce nomuntu oyedwa. Uma esedinga omunye unkosikazi kumele akhulume nonkosikazi omdala,” kusho uMaphalala.

Uthe ngisho okhokho abakaze bayenze into enje ngoba ishayisana nendlela yokwenza izinto.

“Umshado akuyona into yokudlala. Kulandelwa izinto eziningi, kuhlanganiswe namadlozi. Uma eshade namakhosikazi amabili ngesikhathi esisodwa zilandelwe nini zonke lezi zigaba? Yinto engekho lena,” kusho uMaphalala.

Mayelana nokubhaliseka komshado walezi zithandani uNkk Bridget Shabalala, oyiNhloko yezoBulungiswa, uthe uma bevumelene lo mshado uzobhaliswa ngokusemthwetheni ngoba okudingekayo eMnyangweni wezaseKhaya yincwadi ekhombisa ukuthi bayavumelana ngokushada kanye kanye.

Injabulo beshada kanye kanye